Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho
Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho.
Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.
Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi , ukuze ngigcine izwi lakho.
Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho.