Skip to Content

"ngihambe"

21 occurrences in ZUL

Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo , ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.

Wayesethi: Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.

Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro : Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?

Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.

UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.

UBileyamu wathi kuBalak i: Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa , mina ngihambe ; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza ; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela. Waya edulini elingenalutho.

USawule wathi kuMikhali : Ungikhohliseleni kanje , uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na? UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: Wathi kimi: Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?

UDavide wathi kuJonathani : Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga ; angifanele ukuphu tha ukuhlala nenkosi ekudleni , kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe , ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini ; umfowethu ungiyalile ; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mangihambe ngibone abafowethu . Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.

U-Abineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u - Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho . UDavide wammukisa u - Abineri, wahamba ngokuthula.

Wathi: Nkosi yami , nkosi, inceku yami yangikhohlisa , ngokuba inceku yakho yathi : Ngiyakuzibophelela imbongolo ukuba ngiyikhwele , ngihambe nenkosi, ngokuba inceku yakho ilunyonga.

UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.

UFaro wathi kuye : Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na? Wathi: Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abapr ofethi kungathi abantu abangamakhulu amane , yathi kubo : Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi , noma ngiliyeke na ? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.

Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufen i nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkul u ekukhanyeni kwabaphilayo.

Ngenxa yalokho ngiyakukhala , ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe , ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.

UJehova, iNkosi yami , ungamandla ami , wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.

Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye ; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.

uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami. Ihlelo lokuhamba kukaPawulu

Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.