Skip to Content

"ngihawukele"

12 occurrences in ZUL

Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani , wakhala wathi : Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide ! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.

Mina ngithi: Jehova, ngihawukele, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.

Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele.

Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho ; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa -Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.

Ngiyakuzitshalela yena ezweni , ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami : Ningabantu bami , bona bathi : UnguNkulunkulu wethu.

Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha , waqala ukumemeza ethi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!

Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: Ndodana kaDavide, ngihawukele!

Samemeza sathi : Baba Abrahama , ngihawukele, uthume uLazaru , agcobhoze isihloko somunwe wakhe ema nzini, aphozise ulimi lwami , ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.

Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe , ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.

Yayisimemeza ithi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!

Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: Ndodana kaDavide, ngihawukele!