USamuweli wathi kuSawule : Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na ? USawule waphendula wathi : Ngihluphekile kakhulu , ngokuba amaFilisti ayalwa nami ; uNkulunkulu ungishiyile , akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.
Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.
Mina kodwa ngihluphekile , ngibuhlungu; insindiso yakho , Nkulunkulu mayingilondoloze.
Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.
Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami ; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
Esahlezi esihlalweni sokwahlulela , umkakhe wathumela kuye , wathi: Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo ; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.