Skip to Content

"ngikhulume"

27 occurrences in ZUL

Ngiyakuhlangana nawe khona , ngikhulume nawe , ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi , ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa - Israyeli. Itafula lesinkwa sokubukwa

Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova , lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.

Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona , ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo ; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe , ukuze ungawuthwali wedwa.

Wayesethi: Yizwani manje amazwi ami : uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.

Kepha wena , yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo , nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukub a bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.

Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.

ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lap ho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.

Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini , wathi: Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.

Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.

Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini.

Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.

Ngiqondise indlela yeziyalezo zakh o ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.

Sengiyakuya kwabakhulu , ngikhulume nabo , ngokuba bona bayayazi indlela kaJehov a nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo ; Kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.

Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.

Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.

ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.

Kuthi lapho eyibambayo , uyidonsela phansi , ikhihlize amagwebu , igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.

Ingelosi yaphendula , yathi kuye : NginguGabriyeli mina , omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe , ngikubikele lezi zindaba ezinhle.

Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani.

Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.

Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso ; isikhathi siyeza , lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso ; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.

UJesu wasiphendula wathi : Uma ngikhulume kabi , fakaza ngalobo bubi ; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?

Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa , nokuthi wembelwa , nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.

Kepha uPawulu wathi : Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya , ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.

Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone , ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.

engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga , ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume. Isigcino

Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.