Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho , ngikudumise phakathi kwebandla.
Ngizakukubonga ebandleni elikhulu , ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.
ngize ngi fike kulo i -altare likaNkulunkulu , kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
Ngizakukubonga, Nkosi, phakathi kwabantu , ngikudumise phakathi kwezizwe.
Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.
Ngizakukubonga phakathi kwabantu , Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe.
Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobab a ongiphile ukuhlakanipha namandla , wangazisa esasikucela kuwe , ngokuba usazisile indaba yenkosi.