UJonathani wathi kuDavide : Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.
Kepha, Jehova Sebawoti , ovivinya olungileyo , obona izinso nenhliziyo , mangibone ukuphindisela kwakho kubo , ngokuba ngikwambulele indaba yami.