"ngilapha"
20 occurrences in ZUL
Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u -Abrahama, wathi kuye: Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.
U-Isaka wathi ku -Abrahama uyise : Baba. Wathi yena : Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?
Kwathi u -Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u - Esawu indodana yakhe enkulu , wathi kuye : Ndodana yami ! Wathi kuye : Ngilapha.
U-Israyeli wathi kuJosefa : Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na ? Woza, ngiyakukuthuma kubo. Wathi kuye: Ngilapha.
Wathi: Ngilapha. Wayesethi: Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.
Wagijimela ku -Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga; buya ulale. Wahamba, walala.
UJehova waphinda wambiza uSamuweli . USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.
UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.
Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.