Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abapr ofethi kungathi abantu abangamakhulu amane , yathi kubo : Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi , noma ngiliyeke na ? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abaprofethi , amadoda angamakhulu amane, yathi kubo : Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na ? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakul inikela esandleni senkosi.
Esefikile enkosi ni, inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na ? Wathi: Khuphukani, nibe nempumelelo ; bayakunikelwa esandleni senu.