Skip to Content

"ngimelene"

20 occurrences in ZUL

Ngalokho bheka , ngimelene nabaprofethi , usho uJehova , abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.

Bheka, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova , abasebenzisa izilimi zabo , bathi: Uthi yena.

Bheka, ngimelene nawe , wena owakhileyo esigodini , wena litshe lasethafeni, usho uJehova , nina enithi : Ngubani oyakusehlela , ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?

Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga , usho uJehova, bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawa za kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu, usho uJehova.

Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo , usho uJehova , wena ochitha wonke umhlaba ; ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.

ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe ; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize , nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.

Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni ; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni.

uthi kulo izwe lakwa -Israyeli: Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Sidoni ; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.

ukhulume uthi : Isho kanje iNk osi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.

Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho ; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo , kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo , ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu , abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.

uthi kuyo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami , ngikwenze incithakalo nokuyize.

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali;

Wena ndodana yomuntu , profetha ngoGogi , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali.

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho , ngibonise izizwe ubunqunu bakho , nemibuso ihlazo lakho.