"ngimelwe"
11 occurrences in ZUL
kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe , ngingaweli iJordani ; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.
Kepha wathi kuzo : Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.
Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye ; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.
Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo , kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya ; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto , uPawulu wazimisela emoyeni uku ya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne -Akhaya, wathi: Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
UPawulu wayesethi : Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari , lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona . Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.