Noma bekhulisa abantwana babo , nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki , uMduduzi kayikuza kini ; kepha uma ngimuka , ngiyakumthumela kini.