ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa, ingaludlanga nentandane
Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.
Bhekani, isikhathi siyeza , yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke , yilowo nalowo aye kokwakhe , ningishiye ngingedwa ; nokho angingedwa , lokhu uBaba unami.