UHana waphendula wathi: Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla , kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.
Wathi: E nkosi, kuphila komphefumulo wakho , nkosi yami , ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.