Skip to Content

"ngingunkulunkulu"

23 occurrences in ZUL

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku -Abrama, wathi kuye : NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.

UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo u -Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe ; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.

NginguNkulunkulu waseBethele , lapho wagcoba khona insika na lapho wenza isithembiso kimi ; manje vuka , usuke kuleli zwe , ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

Wayesethi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo ; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.

Wathi: NginguNkulunkulu kayihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.

ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu , ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.

Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu ; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.

Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi : NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.

ungesabi, ngokuba mina nginawe ; ungapheli amandla , ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho ; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza , yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phaka thi kwenu ; yebo, ningofakazi bami , usho uJehova , mina nginguNkulunkulu.

Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba , ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.

Khumbulani izinto zakuqala zamandulo , ngokuba nginguNkulunkulu , akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami,

NginguNkulunkulu eduze yini , usho uJehova , ngingesiye uNkulunkulu kude na?

Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile , wathi: Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkul u enhliziyweni yolwandle , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu , noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

Usasho phambi kokubulalayo ukuthi : Ngingunkulunkulu mina , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?

Nina niyizimvu zami , niyizimvu zedlelo lami ; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.

Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami , ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu , angisiye umuntu ; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.

Mina nginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.

Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye , wathi: NginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, na?

NginguNkulunkulu wawoyihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe. UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.