Ngalokho yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuthi : NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.
Noze niguge , nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga , ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu , futhi ngiyakunetshatha , yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.