UJakobe wabiza amadodana akhe , wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
Inkosi yavuka phakathi kobusuku , yathi ezincekwini zayo : Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona . Ayazi ukuthi silambile ; ngalokho aphumile ekamu ukuba acashe, ethi: Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.
Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu ; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.