Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.
bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami , bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi , ngiyakuzwa ezulwini , ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngidangele ; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.
Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.
Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.
Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.
Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyal ezo zakho , Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho.
Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho , ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.