USamsoni wakhala kuJehova , wathi: Nkosi Nkulunkulu , ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela , Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.
uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuth ula, ngaphanga isitha sami kungekho sici,
Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.