Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova ; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela
Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi ; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
Jehova, ngiyakhala kuwe , ngiphuthume; lalela izwi lami , nxa ngikhuleka kuwe.
Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.
Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.