Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise , ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.
Amakamela aso ayakuba yimpango , nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke , bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo , ngehlisele phezu kwab o izingozi ezivela nxazonke, usho uJehova.
Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
Ngiyakubahlakazela a baseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni , bazi ukuthi nginguJehova.
Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga . Izwe selichithekile emva kwabo , ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo , ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.