Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje , wathi: Ngiyakubheka ngithule , ngisendaweni yami , njengokubalela okukhazimula ekukh anyeni kwelanga , njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda , engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.