Skip to Content

"ngiyakubuyela"

8 occurrences in ZUL

Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.

Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.

Wathi uBileyamu k uyo ingelosi kaJehova : Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho , ngiyakubuyela emuva.

wathi: Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.

Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Buyelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngiyakubuyela kini, usho uJehova Sebawoti.

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo , usho uJ ehova Sebawoti , kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakubuyela eSiyoni , ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.

Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami , anizigcinanga. Buyelani kimi , ngiyakubuyela kini , usho uJehova Sebawoti . Nokho nithi : Siyakubuyela kanjani?