Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi , inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa , kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo ; bayakulala ubuthongo obuphakade , bangavuki, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.