Lapho ufela khona , ngiyakufela khona nami , ngimbelwe khona ; uJehova akenze njalo kimi , enezele futhi , ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.
UBenaya wafika etendeni likaJehova , wathi kuye : Isho kanje inkosi , ithi: Phuma. Wathi: Qha, ngiyakufela lapha . UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.