Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo ; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola ; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe ; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu , abantu bami u -Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.