Wathi wena : Impela ngiyakukwenzela okuhle , ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.
Manje, ndodakazi yami , ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo , ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
UJonathani wayesethi kuDavide : Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo , ngiyakukwenzela khona.
UDavide wayesethi kuye : Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo , ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.
Inkosi yathi : UKimihamu angawela nami , mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.