ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele , usho uJehova, ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.
UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.