Vuka uphakamise umfana , umbambe ngesandla sakho , ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.
Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;
Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba.
Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami , futhi akasoze aph uma khona ; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami , iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.