Skip to Content

"ngiyakumisa"

12 occurrences in ZUL

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe , uze ungene emkhunjini , wena namadodana akho , nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.

Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe , nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo , sibe yisivumelwano esiphakade , ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no -Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.

Ngiyakumisa imikhawulo yakho , kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti , kusukela ehlane kuze kube semfuleni , ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe , wena u baxoshe phambi kwakho.

Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

Kuyakuthi lapho izinsuku zakh o seziphelile , ube usulele koyihlo , ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho , ngiqinise umbuso wayo.

Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo , ngiyakumisa inzalo yakho emv a kwakho , eyakuba ngeyamadodana akho ; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho, ngikuvimbezele ngezinqaba , ngikumisele izindonga.

Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa ; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa, usho uJehova.

Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami , ukuze kungabikho odlula yo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo , ngokuba sengibonile ngawami amehlo. INkosi yaseSiyoni

Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo , azaluse: inceku yami uDavide ; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.

Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo , ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,