Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu.
Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye, usho uJehova.
Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi , ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo , iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho.
E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla ; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
Ngiyakunquma abakhileyo e -Ashidodi, nophethe intonga e -Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e -Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela , isho iNkosi uJehova.
Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho , kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.
Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.
Kepha uJehova uyalezile ngaw e ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.
Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.
Ngiyakunquma inqola kwa -Efrayimi nehhashi eJerusalema , nomnsalo wokulwa uyakunqunywa ; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe , nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.