USamsoni wathi kubo : Uma nenze njalo , impela ngiyakuphindisela kini , andukuba ngiyeke.
Ungasho ukuthi : Ngiyakuphindisela okubi , yethemba kuJehova , uyakukusindisa.
Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo
Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu, usho uJehova.
Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli , ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.