"ngiyakuthuma"
27 occurrences in ZUL
Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho , ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.
Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho , ngiwaxoshe amaKhanani , nama- Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,
Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.
Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu , ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu , ninikelwe esandleni sesitha.
Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.
Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi : Hamba ufune imicibisholo . Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.
kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe , ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho ; kuyakuthi konke okuhl e emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.
Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi : Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.
yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala ; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Ukuphela sekuphezu kwakho ; ngiyakuthuma ukufutheka kwami , ngikwahlulele njengezindlela zakho , ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.
Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo ; abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwal o ngenkemba ephezu kwalo nxazonke , bazi ukuthi nginguJehova.
Ngokuba u -Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe , wakha izindlu zamakhosi , noJuda wandisile imizi ebiyelweyo , ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe , uqede izindlu zayo zobukhosi.
Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi , uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela , nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.
Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.