Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubong e ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.
Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini , ezitaladini nasezigcawini ; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami ; ngamfuna, kepha angimtholanga.
Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile , ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.