Skip to Content

"ngiyakuvula"

5 occurrences in ZUL

Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke ; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.

bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi , kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi,

Ngalokho profetha , uthi kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.

Ngalolo suku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya ; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.