Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele , kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.
Kepha nxa ngiyala ngalokho , anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi.
Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa , nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,