Skip to Content

"ngiyanincenga"

10 occurrences in ZUL

Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle , ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.

Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina , nahlukane nabo;

Kepha ngiyanincenga , bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.

Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase- Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando;

Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona , kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,

Yibani njengami , ngokuba nami nginjengani ; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;

Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga u kuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,