Wayesethi uJehova : Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo , ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi.
Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.
Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,
Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;