Manje bhekani , inkosi iyahamba phambi kwenu ; mina sengimdala , ngiyimpunga; nanka amadodana ami a kini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.
Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.