Wayesethi uFaro : Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane , kepha ningayi ku de kakhulu nokho ; ngikhulekeleni.
Ncengani kuJehova , ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.
Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.