Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.
Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
INkosi uJehova izifungile , usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti , yathi: Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe , ngizonda izindlu zakhe zamakhosi ; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.