Skip to Content

"ngizwa"

21 occurrences in ZUL

Wathi: Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba , akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.

uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,

Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi , ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,

Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.

Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:

Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe . Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu ; kwakumi umuntu eceleni kwami.

Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?

Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe ; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe , ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Ngokuba okokuqala , nxa nibuthana ebandleni , ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.

Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi : Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu , izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini , lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu , nombuso ngokaKristu wakhe , ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini , linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okuk hulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu, bebetha amahabhu abo.

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini , lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: Hambani nithululele em hlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.

Ngase ngizwa i -altare lithi : Yebo, Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke , ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.

Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini , lithi: Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,

Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu , linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla , lithi: Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi , lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu ; uyakuhlala nabo , babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,