Skip to Content

"ngizwile"

20 occurrences in ZUL

Wathi: Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe ; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.

Wayesethi uJehova : Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo , ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;

Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa -Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Koze kube nini le nhlangano embi ikhono na ngami na ? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.

UHiramu wayesethumela kuSolomoni , wathi: Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayipuresi.

Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.

Ngalokho ningadeleli , funa izibopho zenu ziqiniswe , ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawot i ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.

Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo , usizi lozibulayo , izwi lendodakazi yaseSiyon i eheheza, ezelula izandla zayo , ithi: Maye kimina ! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.

Ngizwile ukuhleba kwabaningi : Luvalo nxazonke . Mmangalele! Masimmangalele! Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami . Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.

Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami , bethi: Ngiphuphile, ngiphuphile.

Ngizwile imibiko evela kuJehova ; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.

Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa -Israyeli ngokuthi : Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.

Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.

Jehova, ngizwile umbiko ngawe , ngiyesaba izenzo zakho ; zivuselele phakathi kwale minyaka , wenze ukuba zaziwe kule minyaka , ukhumbule umusa nasolakeni.

Kepha uJesu wathi : Ukhona ongithintileyo , ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.

Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso ; sengehlile ukuba ngibakhiphe . Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.

Kepha u -Ananiya waphendula wathi : Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;