Abapristi abashongo ukuthi : U phi uJehova ? Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphamb uka kimi , abaprofethi baprofetha ngoBali , balandela okungenakusiza.
Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula : baprofetha ngoBali , bedukisa abantu bami u-Israyeli.
Lapho u-Efrayimi ekhuluma , kwavela ukuthuthume la; wayephakeme kwa - Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.