Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi , zibe yitende phezu kwetabernakele , uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye.
Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele ; wazenza izilenge eziyishumi nanye.
UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Intukuthelo yakho mayingangivutheli , ngizakukhuluma kanye kuphela : Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.