Skip to Content

"ngobudlova"

7 occurrences in ZUL

Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami , ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu ; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

Wathi kimi: Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na ? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na ? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova , babuye bangicunula . Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.

Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova , wonile; ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu, ngakuchitha wena kherubi elisibekelayo, ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

Ngalolo s uku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu , begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.

Nisho futhi ukuthi : Bheka ukuhlupheka ! bese nilincimfela , usho uJehova Sebawoti, niletha okuthathwe ngobudlova , nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na ? usho uJehova.

Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho , usho uJehova Sebawoti . Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.