Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe , amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.
Sebehlela kuye , u-Elisha wakhuleka kuJehova , wathi: Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe. Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
Ngalolo suku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya ; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.