Skip to Content

"ngobuso"

53 occurrences in ZUL

U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe , wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na ? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?

Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile ; uLoti wayehlezi esangw eni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza ; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

UJosefa wayengumbusi ezweni ; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.

Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu , amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo , abhekane ngobuso ; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.

Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu , amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo , abhekana ngobuso ; ubuso bamak herubi babheka is ihlalo somusa. Itafula

Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova , waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.

UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;

Khona oMose no -Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.

Bawa ngobuso babo , bathi: Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?

Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso . Bawa ngobuso babo.

OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.

UJehova wayesevula -ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.

UJehova wathi kuJoshuwa: Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?

Yathi: Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova . UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: Ithini inkosi yami encekwini yayo na?

Kwathi ilangabi lisaphuma e -altare lenyukela ngasezulwini , ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le -altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.

Wayesewa ngobuso bakhe , wakhothamela emhlabathini , wathi kuye : Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake , lokhu ngingowezizwe, na?

Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova . Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.

Sebevukile kusasa ekuseni , bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova ; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini ; kwasala isidumbu sakhe kuphela.

UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe , wakhipha khona itshe , waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini , itshe lashona ebunzini , wawela phansi ngobuso.

Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

Lapho u -Abigayili embona uDavide , washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.

Wathi kuye : Unesimo sini na ? Wathi: Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo. USawule wabona ukuthi kunguSamuweli , wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide , wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi : Mefibosheti. Wathi: Nansi i nceku yakho.

Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini , wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: Siza, nkosi.

UJowabe wawa phansi ngobuso , wakhuleka, wayibusisa inkosi ; uJowabe wathi: Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo.

U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u -Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: Wena uyinkosi yami u-Eliya na?

Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo , bathi: UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.

UDavide wayesephakamisa amehlo akhe , wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezu lu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo , yelulelwe phezu kweJerusalema . UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.

Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

Ngenze ibunzi lakho njengedayimani , elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.

Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke . Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova . Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

Wena ndodana yomuntu , ungabesabi, ungesabi namazwi abo , noma amakhakhasi nameva kukuwe , uhlezi phakathi kwawofezela ; ungawesabi amazwi a bo, ungapheli am andla ngobuso babo , ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni ; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari , ngawa ngobuso bami.

Kwathi esabulala , kwasala mina ; ngawa ngobuso , ngakhala ngathi : Maye, Nkosi Jehova ! Uyakubulala yonke insali yakwa -Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?

Kwathi lapho ngiprofetha , uPhelathiya indodana kaBenaya wafa . Ngase ngiwa ngobuso , ngakhala ngezwi elikhulu , ngathi: O Nkosi Jehova , uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?

Kwaba njengesimo sombono engawubonayo , yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi ; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.

Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho ; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa i ndlu kaJehova , ngawa ngobuso bami.

Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.

Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.

Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha ; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

Kwathi ekomunye wemizi , bheka, nanso indoda egcwele uchoko . Kuthe embona uJesu , wawa ngobuso , wamnxusa wathi : Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula.

yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.

Besesaba bekhoth amela phansi ngobuso , athi kubo : Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?

okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso , akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu. Indlela yokukhonza kwebandla

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa , sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu,

Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.

Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi , zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:

Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo , akhuleka kuNkulunkulu,