Uma umuntu engenaye ongalihlenga , kodwa ebeseba ngocebileyo , athole okwanele ukulihlenga,
Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo , umfowenu abe mpofu kuye , azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
noma uyisekazi noma indodana kay isekazi angamhlenga ; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga ; noma eba ngocebileyo , angazihlenga yena.