eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu
esikhuluma ngakho futhi , kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu , ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo ; bese kuba ngokomoya.
Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.
Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.